COVID-19 Updates    Mayor's Blog   
  
Masihlanze iTheku ngokubambisana
...

Date: 2022-11-28 12:14:19

Masihlanze iTheku ngokubambisana

ABAHLALI baseThekwini nosomabhizinisi bakhuthazwa ukuba bahlanganyele empini yokulwa nokungcola kweDolobha. Ukuze babe yisibonelo, abasebenzi beminyango eyahlukene kaMasipala sebebambe iqhaza emikhankasweni yokukhuculula eyenziwa njalo ezindaweni eziseduze namahhovisi abasebenzela kuwona.

Abasebenzi baqoka indawo ethile abazoyinakekela eseduzane nendawo abasebenzela kuyona, ipaki noma indawo
esewadini elithile lapho behlanza khona indawo abayiqokile bese njalo ngenyanga baqinisekisa ukuthi indawo isahlanzekile. Ukwengeza kule mizamo yokugcina izindawo zihlanzekile, uMasipala uqala umkhankaso okhuthaza
ukukhucululwa kwezindawo bese kutshalwa kuzona obizwa ngeGreen Fridays.

Abahlali bakhuthazwa ukuba bathathe izithombe ngaphambi nangemuva kokukhuculula. Izithombe zingathunyelwa nge-email ku-Phumla.khwela@durban.gov.za ukuze zishicilelwe ezinkundleni ezahlukene zikaMasipala. Hlanganyela noMasipala lapho uzobe ubambisene neGagasi FM emkhankasweni wokukhuculula weGreen Friday eBlue Lagoon ngomhla ka-5 Disemba kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-11 ekuseni.